Ukwephulwa kweSivumelwano Izibonelo Zemigomo

Ukwephulwa kweSivumelwano. Uma wenza okuthile noma uhluleka ukwenza okuthile noma uvumela okuthile okungaphazamisa amalungelo ethu ngaphansi kwalesi Sivumelwano nganoma iyiphi indlela noma wenza into ezokwenza silahlekelwe noma sivelelwe umonakalo othile, kubandakanya nesenzo sokukhokha isitalimende sekwedlule isikhathi esibekiwe noma isenzo sokungasikhokhi isitalimende, lokho kuyothathwa njengokwephulwa kweSivumelwano ngaleyo nkathi ekwenzeke ngayo isigameko noma isenzo esingavumelekile noma ngenkathi uhluleka ukwenza okuthile okumele ukwenze.Uma kwenzeka ukhokha isitalimende sekudlule usuku olunqunyiwe, uzokhokhiswa inzalo engeziwe kuleyo mali esalele emuva ngezinga lenzalo elibhalwe kwiKhwotheshini futhi ehambelana neSivumelwano.Uma kwenzeka uhluleka ukukhokha izitalimende ezidonswa kwi-akhawunti yasebhange ezintathu zilandelana, luzohoxiswa uhlelo lokudonswa kwemali edingekayo kwi-akhawunti yasebhange futhi uzophoqeleka ukuthi uyikhokhe ngokheshe imali okumele ikhokhwe.Uma kwenzeka uhluleka ukukhokha imali enqunyiwe ngaphansi kwalesi Sivumelwano, kungenzeka (ngaphandle kokuthikamezeka kwamalungelo ethu) sikuthathele izinyathelo zomthetho ukuze uhloniphe iSivumelwano noma sisihoxise iSivumelwano, njengoba kubhaliwe Kwisahluko 6 Ingxenye C yoMthetho.Uma uphule iSivumelwano, uzokhokhiswa izindleko zokulawulwa kokuphulwa kwesivumelwano kanye nezindleko zokuqoqa isikweleti ngokoMthetho Wenkantolo Ephakeme, uMthetho Wezikantolo Zomantshi, uMthetho Wezabaqoqi Bezikweleti noma uMthetho Wezabameli, kuzoya ngokuthi imuphi uMthetho osebenzayo kulesi simo.Uma siqoka ukuphoqelela ukuhlonishwa kweSivumelwano, kuzolandelwa le nqubo ebhalwe lapha ngezansi:• Uzothunyelelwa incwadi ekwazisa ngokuphula kwakho iSivumelwano• Kuleyo ncwadi kuzoba kunesiphakamiso sokuthi udlulisele lesi Sivumelwano kumeluleki wezezikweleti, omunye umlamuli wezimpikiswano, inkantolo yezabathengi noma Isikhulu Esiphenya Izikhalo Zabathengi esigunyaziwe, ngenhloso yokuqeda impikiswano engaba khona noma kwenziwe futhi kuvunyelwane ngohlelo lokukhokhwa kwayo yonke imali esalele emuva ngaphansi kwalesi Sivumelwano• Uma ufake isicelo sohlelo lokubuyekezwa kwezikweleti ngokwesigaba 86 soMthetho, futhi leso sicelo sokubuyekezwa kwezikweleti singakaphothulwa kuze kuphele izinsuku zokusebenza ezingu-60 emva kokuthi ufake isicelo sokubuyekezwa kwezikweleti, kungenzeka sikuthumelele isaziso, esihoxisa uhlelo lokubuyekezwa kwezikweleti ngokwesigaba 86 (10) soMthethoUma kwenzeka ufaka isicelo sokubuyekezwa kwezikweleti ngale ndlela,...