Legal Definitions Dictionary

iGazethi 4

iGazethi kushiwo iGazethi yesiFundazwe saKwaZulu-Natali;

imisebenzi yobunjiniyela 4

imisebenzi yobunjiniyela kushiwo ingqalasizinda –

imvume 4

imvume maqondana nesicelo seMvume yezokuHlela kaMasipala kushiwo imvume ngokwalo Mthetho kaMasipala futhi kubandakanya nemibandela yemvume;

indawo kamasipala 4

indawo kamasipala kushiwo indawo eyenganyelwe uMasipala enqunywa izikhathi ngezikhathi yiBhodi lezokuKlanywa koMasipala elasungulwa ngokwesiGaba 2 soMthetho wezokuKlanywa koMasipala woHulumeni beziNdawo, 1998 (uMthetho 27 ka 1998); "uMkhandlu kaMasipala" kushiwo uMkhandlu kaMasipala waseMhlathuze osungulwe ngokwesiGaba 18 soMthetho weziNhlaka zoMasipala;

inhlangano yabanikazi bomhlaba 4

inhlangano yabanikazi bomhlaba kushiwo inhlangano esungulwe ngabanikazi bezindawo ezihlukene ngenhloso yokulawula nokukhokhela izindleko zokugcinwa kahle kwendawo ngokuhlanganyela kanye nokuphucula ingqalasizinda kanye nezinsizakusebenza, okubandakanya nenhlangano yabanikazi bemizi;

iRekhodi leziNqumo 4

iRekhodi leziNqumo kushiwo iRekhodi leziNqumo lezicelo zezimvume zezokuhlela kamasipala, kubandakanya noma yiziphi izichibiyelo zalo, noma iRekhodi leziNqumo lesiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo zezokuHlela sikaMasipala njengoba kuhlongozwe kulo Mthetho kaMasipala;

isakhiwo esisondelene 4

isakhiwo esisondelene kushiwo zonke izakhiwo ezisondelene nesakhiwo kanye nazo zonke izakhiwo ezingabe zazisondelene nesakhiwo, uma ngabe zingahlukanisiwe umfula, umgwaqo, ujantshi wesitimela, izigxobo zolayini bagesi, amapayipi, noma okunye okufana nalokho;

isiGungu esiPhezulu 4

isiGungu esiPhezulu kushiwo ikomidi eliphezulu noma imeya kaMasipala noma, uma uMasipala ungenalo ikomidi eliphezulu noma imeya, kushiwo ikomidi lamakhansela eliqokwe uMkhandlu kaMasipala;

isivumelwano semisebenzi eyenziwa ngokuhlanganyela 4

isivumelwano semisebenzi eyenziwa ngokuhlanganyela kushiwo isivumelwano esiphakathi komasipala ababili noma ngaphezulu, kubandakanya noMasipala wesiFunda, lapho omasipala abathintekayo bevumelana ukuhlanganyela emisebenzini echazwe esivumelwaneni;

SPLUMA 4

SPLUMA kushiwo uMthetho wezokuHlelwa kweziNdawo nokuLawulwa kokuSetshenziswa koMhlaba, 2013 (uMthetho 16 ka 2013) kanye neMithethonqubo yezokuHlelwa kweziNdawo nokuLawulwa kokuSetshenziswa koMhlaba: UkuLawulwa kokuSetshenziswa koMhlaba neziNdaba eziJwayelekile, 2015 (iSaziso sikaHulumeni No. 239 sika 2015);

uhlaka lukahulumeni 4

uhlaka lukahulumeni kushiwo uhlaka lukahulumeni njengoba luchazwe kwisiGaba 239 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, 1996;

uHlelo lweNtuthuko oluDidiyele 4

uHlelo lweNtuthuko oluDidiyele kushiwo uHlelo lweNtuthuko oluDidiyele olwamukelwe uMasipala ngokwesiGaba 25(1) soMthetho weziNhlelo zoMasipala;

ukulethwa 4

ukulethwa kunencazelo efanayo “nokuthumela", ngaphandle uma kukhulunywa ngokulethwa kwamapulani kanye namaphepha kuMklami Jikelele noma ukulethwa kwamatayitela, amapulani kanye namaphepha kuMbhalisi wamaTayitela;

ukuthunyelwa 4

ukuthunyelwa maqondana nesaziso, umyalelo noma amanye amaphepha kushiwo ukuthumela amaphepha athile ngendlela ebekwe kwisiGaba 96 salo Mthetho kaMasipala;

ukuzibophezela 4

ukuzibophezela kushiwo isenzo sokukhokhela nanoma yimuphi umonakalo, isibizo noma izindleko zentela ezinqunywe yinkantolo noma ezivunywe uMasipala ngokwenqubo yokuhlaliswa kwabantu ngendlela ehlelekile;

ukwazisa 4

ukwazisa kunencazelo efanayo negama “nokuthumela";

uMasipala 4

uMasipala kushiwo uMasipala weNdawo yaseMhlathuze, owasungulwa ngokwesiGaba 12 soMthetho weziNhlaka zoMasipala ufundwa nezinhlinzeko zoMthetho wokuNqunywa kweziNhlobo zoMasipala, 2000 (uMthetho 7 ka 2000) njengoba uchitshiyelwe;

umhlaba 4

umhlaba kushiwo −

uMhleli oBhalisiwe 4

uMhleli oBhalisiwe kushiwo umhleli oqeqeshiwe noma onguchwepheshe obhaliswe ngokoMthetho woMkhakha wezokuHlela, ka 2002 (uMthetho 36 ka 2002);

umnikazi 4

umnikazi kushiwo −