Ukukhokhwa Kwemali Ebolekiwe Nokuthi Sizoyisebenzisa Kanjani Imali Oyibolekile Izibonelo Zemigomo

Ukukhokhwa Kwemali Ebolekiwe Nokuthi Sizoyisebenzisa Kanjani Imali Oyibolekile. Uma uqoka ukukhokha imali yokuvula isikweleti ngaphambi kokuthi unikezwe imali oyibolekile, kumele uyifake kwi- akhawunti esizokunika yona yasebhange labakwa-First National, ubhale inombolo eyireferense esikuhlinzeke ngayo, bese usithumelela ubufakazi bokuthi uyikhokhile leyo mali ngaphambi kokuthi sikunikeze imali oyibolekile.IzIzigamu zemali ozoyikhokhae kumele zikhokhwe emva kwezinsuku ezingu-14 kusukela ngosuku lwesilinganiso, bese izigamu zemali ozoyikhokha ezilandelayo zikhokhwa njalo ngenyanga emva kwalokho. Mayelana nalokho, kuwumbandela walesi Sivumelwano ukuthi usinikeze imvume yokuthi sidonse izigamu zemali ozoyikhokha kwi- akhawunti yasebhange okufakwa kuyona umholo wakho. Ngaphandle kwenyanga kaDisemba, izigamu zemali ozoyikhokha zizodonswa ngosuku othola ngalo umholo, noma ngosuku lokusebenza lokugcina olwandulela lolu suku othola ngalo umholo uma lolu suku lungempelasonto noma ngeholide, futhi uma lolo suku lungekho ngaphambi kosuku olunqunyiwe lokukhokhwa kwesigamu semali ozoyikhokha. Uma kwenzeka sithola ulwazi lokuthi usuku othola ngalo umholo wakho seluguqukile noma uma isiguqukile imininingwane ye-akhawunti yakho yasebhange, sizoyiguqula imininingwane yokudonswa kwezigamu zemali ozoyikhokha kwi-akhawunti yasebhange ukuze ihambelane nemininingwane yakho eguqukile. Sinelungelo lokudonsa isitalimende kwi-akhawunti yakho ngaphambi kwesikhathi esijwayelekile ngenyanga kaDisemba uma sikunikeze isaziso salokho kusenesikhathi futhi uma lolo suku lungekho ngaphambi kosuku olunqunyiwe lokukhokhwa kwesigamu zemali ozoyikhokha. Uma uthanda ungazikhokha izigamu zemali ozoyikhokha ngaphambi kwesikhathi esinqunyiwe, futhi ngeke uhlawuliswe ngalokho. Imali oyikhokhayo izosetshenziswa ukunciphisa isikweleti sakho ngalolu hlobo: (i) kuzokhokhelwa intela yemali mboleko okumele ikhokhwe ngesikhathi esinqunyiwe noma engakakhokhwa (ii) kuzokhokhelwa izindleko zesikweleti okumele zikhokhwe ngesikhathi esinqunyiwe noma ezingakakhokhwa futhi (iii) kuzokhokhelwa isikweleti esiyinhloko.