Incazelo ngemboni yezokudoba Izibonelo Zemigomo

Incazelo ngemboni yezokudoba. Imboni yezokudoba i-SCRL iwuhlobo lokudoba ngonoxhaka bentambo ende emanzini ajulile eyaqala ngowe-1974. Kuleso sigaba, izikebhe zaseNingizimu Afrika nezakwamanye amazwe zazidoba le nsiza esemanzini ajulile. Nokho, ngowe-1976 iNingizimu Afrika yaqoka Indawo Yezomnotho Ekhethekile engamamayela angama-200 eqondene nayo futhi yaphumelela ukumisa ukuzibandakanya kwabantu bakwamanye amazwe embonini ye-SCRL. Yizikebhe zaseNingizimu Afrika ezingama-26 zizonke ezasala embonini yezokudoba. Isibalo sehla safika ku-15 ngowe-1981 emuva kweminyaka yokudoba okungagcineki nokungalawulwa okwaholela ekufadalaleni kwezinsiza. Ngowe-1975, amathani ayizi-2092 esikhuphashi sasemadwaleni sasogwini oluseningizimu adotshwa futhi ngowe-1981 lokhu kwasekwehle kwaba amathani ayi-176. Imboni yezokudoba i-SCRL yaqala ukulawulwa ngokwenani lokuvumelekile okungadotshwa sekukonke ("i-TAC") ngowe-1984. Kwamiswa i-TAC yamathani angama-450 (i-tail mass) Emuvakweminyaka eyishumi, ucwaningo lwaveza ukuthi isibalo sezinsiza sasisashona phansi. Iqhingasu lezokuphatha lale mboni yezokudoba lashintshwa kakhulu ngowezi-2000. Kwethulwa i-TAC ehlanganisiwe kanye nomzamo osetshenziswayo uwonke ("i-TAE"), eyayinciphisa isibalo sezinsuku isikebhe se-SCRL okwakumele isichithe olwandle. Umkhawulo "wezinsuku zasolwandle" ubalwa ngokwesabelo se-TAC eyabanjwa yisikebhe esithile, kubhekwa amandla okudoba kwesikebhe. Uhlelo lwezokuphatha loMnyango lwemboni ye-SCRL luthele izithelo. I-TAC ye-SCRL yanyuka yasuka kumathani angama-340 (kanye nezinsuku eziyi-1 922 olwandle) ngesikhathi sokudoba sowezi-2001/2002 kwaba amathani angama-382 (kanye nezinsuku zasolwandle eziyizi-2 089) ngowezi-2007/2008, futhi yanyuka ngokungengaphezu kwama-5% maphakathi nonyaka phakathi kwamathani angama-317 namathani angama-363 kusukela ngaleso sikhathi. Isinqumo somkhawulo wokudotshwayo silawulwa ngokwe-Operational Management Procedure ("i-OMP"), eyethulwa okokuqala ngowezi-2008. Sekube nama-OMP amaningi asungulwa nabuyekezwa, njengoba elandelayo ebuyekeziwe kulindeleke ukuthi iphume ngowezi-2022. Izimpokophelo ze- OMP yakamuva, 'i-OMP-2019', bekuwukugcina ukushintshwa kwe-TAC yaphakathi nonyaka ingadluli kuma-5%, ukwandisa isilinganiso samaqanda abekelwayo kule nsiza ngama-30% esikhathini seminyaka engama-20 (2006 kuya kowezi-2025) kanye nokungayehlisi i-TAC ibe ngaphansi kwamathani angama-321 ngesikhathi sokudoba sowezi-2019/202 kanye nowezi- 2020/2021. Isikhathi sokudoba somkhakha wezokudoba i-SCRL onyakeni wonke siqala mhla lu-1 ...