Ilungelo Lokwenza Isicelo Kumeluleki Wezezikweleti Izibonelo Zemigomo

Ilungelo Lokwenza Isicelo Kumeluleki Wezezikweleti. Unelungelo lokwenza isicelo Kumeluleki Wezezikweleti ukuze uthathwe njengomuntu onezikweleti esezingaphezu kwamandla akhe ngokwesigaba 86 soMthetho futhi ucele usizo ngaphambi kokuthi sikuthathele isinyathelo sokukuphoqelela ukuthi ukhokhe isikweleti uma kwenzeka ukuthi awukhokhi ngendlela echazwe kwiSivumelwano.Imininingwane yokuxhumana Nomeluleki Wezezikweleti endaweni yakini ungayithola Kumlawuli Kazwelonke Wezezikweleti uma abakwa-Direct Axis behluleka ukukusiza mayelana nalokhu. Umeluleki Wezezikweleti uzokucela ukuthi ugcwalise iFomu 16 bese ukhokha imali enqunyiwe ngaphansi koMthetho Kazwelonke Wezikweleti. Uma samukeliwe isicelo sakho, Umeluleki Wezezikweleti uzosicubungula isicelo sakho bese esichitha noma ekwazisa ukuthi sibe impumelelo.