I-LCP Izibonelo Zemigomo

I-LCP ikuvikela uma kwenzekile kwakhona osebenzisa ikhadi lakho leMr Price Money ngokungemthetho uma usubikile ukuthi2.3. Uma siphumelela isicelo sakho sizokuthumelela isitatimende esingaphambi kwesivumelwano futhi sikukhombise ukuthi uzokhokha malini nokuzosho imali ozobolekwa yona, izindleko nemininingwane yesikweletu njengokusho koMthetho wokuHlinzeka ngesiKweletu.2.4. Uma usuyamukelile le mali esithi uzoyikhokha, imigomo nesitatimende esingaphambi kwesivumelwano nale mali izoba yingxenye yesivumelwano esiphakathi kwethu nawe.2.5. Mhla uqala ukuthenga ngesikweletu sakho, uyoklwebha ikhadi lakho, usayine i-invoice, lokhu kuzohambisana nokusayina kwakho nokwamukela kwakho le migomo nemibandela emisha.2.6. Uyacelwa usazise uma kukhona ushintsho esimweni sakho semali, umholo wakho noma ekusikhokheleni ukuze sibuyekeze ukuthi malini ongakwazi ukuyikhokha njengokusho koMthetho wokuHlinzeka ngesiKweletu.2.7. Ngeke ukwazi ukufaka isicelo se-akhawunti yesikweletu sezinyanga eziwu-6 noma eziwu-12 uma kuwukuthi usuvele unayo le akhawuntingokukhetha kwakho. Isitatimende sizokukhombisa ezinye zalezi zinto ngokusho kwesigatshana 35 soMthetho wokuHlinzeka ngesiKweletu:5.1.1. yonke imali oyikweletayo ngokwelanga isistatimende esenziwa ngalo;5.1.2. izimpahla ozithengile ngaleyo nyanga kuzo zowu-6 izitolo;5.1.3. izindleko zokuboleka okufanele uzikhokhele nyanga zonke;5.1.4. inzalo okufanele uyikhokhe ngonyaka;5.1.5. inzalo ebanjwayo ngaleyo nyanga;5.1.6. imali encane okufanele uyikhokhe nosuku okufanele uyikhokhe ngalo.5.2. Ukungasitholi kwakho isitatimende akusho ukuthi akufanele ukhokhe njengoba ungakwazi ukuthola ulwazi nge-akhawunti yakho nemali oyikweletayo ngokusishayela ku-08610 66639 ngezikhathi zokusebenza.5.3. Kumele okungenani sithole imali okuvela ukuthi kumele uyikhokhe ngokusho kwesitatimende sakho noma uR30 kuye nokuthi iyiphi imali