Amakheli kanye Nokuthunyelwa Kwezincwadi Izibonelo Zemigomo

Amakheli kanye Nokuthunyelwa Kwezincwadi. Uyavuma ukuthi ikheli lasekhaya osihlinzeke ngalo ilona okuzothunyelwa kulona zonke izaziso zomthetho.Uyavuma ukuthi ikheli leposi kanye nele-imeyili osihlinzeke ngalo ilona esizothumela kulona lonke iposi kanye nezinye izincwadi, kufaka phakathi isitatimende se-akhawunti. Siyathembisa ukuthi ngeke sikuthumelele lezo zincwadi nge- imeyili ngaphandle uma wena usivumela ukuthi sikwenze lokho.Kumele ubhalele abakwa-Direct Axis ubazise uma kwenzeka kuba khona ikheli lakho elishintshayo noma kuba khona ushintsho kwimininingwane yokuxhumana nawe, kufaka phakathi ikheli le-imeyili kanye nezinombolo zocingo. Uma uthumela isaziso sokushintsha kwekheli lasekhaya, kumele leso saziso sihambisane nobufakazi balokho. Uma uhluleka ukusinikeza isaziso sokushintsha kwekheli lakho, sizoqhubeka nokusebenzisa ikheli lakho elidala nakuba ungasalisebenzisi.Uyavuma ukuthi kuzothathwa ngokuthi usitholile isaziso noma incwadi esikuthumelele yona emva kwezinsuku ezingu-5 siyiposile noma ezingu-2 emva kokuyithumela nge-imeyili.