amakheli Izibonelo Zemigomo

amakheli. Ikheli lasekhaya osinike lona ngesikhathi ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo sokuvula i-akhawunti yilona kheli olikhethayo lapho sizokuthumelela khona incwadi uma sikuthathela izinyathelo zomthetho noma ngabe yini enye esikuthumelela yona ngokwendlela okhethe ngayo efomini lokufaka isicelo. Ikheli ongaposelwa kulona(okungaba yilapho uhlala khona, oposelwa kulo noma i-email) yilona elizosetshenziswa ukukuthumelela izitatimende, esikwazisa khona noma ngabe iyiphi enye incwadi.Kumele usazise uma uthuthela kwelinye ikheli noma ushintsha ikheli.